Induna yabathenwa yathi kuDaniyeli: “Mina ngiyesaba ukuthi inkosi yami, inkosi, emisile ukudla kwenu nokuphuza kwenu, iyakubona ubuso benu ukuthi buxhozekile kunobabafana abangontanga yenu, bese nibeka impilo yami engcupheni enkosini.”
UDaniyeli 1:11 - IsiZulu 2020 Wayesethi uDaniyeli encekwini, induna yabathenwa eyayibekwe phezu koDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi uDaniyeli encekwini, induna yabathenwa ebiyibeke phezu koDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya: Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke uDaniyeli wathi kuMelzari owabeka induna yezikhulu phezu kukaDaniyeli, uHananiya, uMishayeli no-Azariya: |
Induna yabathenwa yathi kuDaniyeli: “Mina ngiyesaba ukuthi inkosi yami, inkosi, emisile ukudla kwenu nokuphuza kwenu, iyakubona ubuso benu ukuthi buxhozekile kunobabafana abangontanga yenu, bese nibeka impilo yami engcupheni enkosini.”
“Ake ulinge izinceku zakho izinsuku ezilishumi, basiphe imifino yokudla namanzi okuphuza.
UDaniyeli wayeseya endlini yakhe, watshela uHananiya, uMishayeli, no-Azariya, abangani bakhe, le ndaba