UDaniyeli 1:10 - IsiZulu 2020 Induna yabathenwa yathi kuDaniyeli: “Mina ngiyesaba ukuthi inkosi yami, inkosi, emisile ukudla kwenu nokuphuza kwenu, iyakubona ubuso benu ukuthi buxhozekile kunobabafana abangontanga yenu, bese nibeka impilo yami engcupheni enkosini.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Induna yabathenwa yathi kuDaniyeli: “Mina ngiyesaba ukuthi inkosi yami, inkosi, emisile ukudla kwenu nokuphuza kwenu, iyakubona ubuso benu ukuba buxhozekile kunabafana abayintanga yenu, nilifake engozini ikhanda lami enkosini.” Contemporary Zulu Bible 2024 Induna yabalindi yathi kuDaniyeli: “Ngiyayesaba inkosi yami, inkosi, emisile ukudla kwenu nesiphuzo senu; khona-ke kumelwe ubeke ikhanda lami engozini ngenxa yenkosi. |
Wayesethi uDaniyeli encekwini, induna yabathenwa eyayibekwe phezu koDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya:
UNkulunkulu wenza ukuba uDaniyeli athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa.