IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:2 - IsiZulu 2020 Bengizakukuhola ngikuse endlini kamame owangifundisa; mina ngikuphuzise iwayini elithakwe ngezinongo, nesiphuzo sami samahananadi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bengiyakukuhola, ngikuyise endlini kamame; ubuyakungifundisa; bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo, amanzi ompomegranati* wami. Contemporary Zulu Bible 2024 Bengiyakukuhola, ngikungenise endlini kamame, abeyakungifundisa; bengiyakunathisa izinongo zompomegranati wami. |
Ngithe nje ukwedlula kancane kubo, ngase ngizithela kothandwa ngumphefumulo wami. Ngambamba, ngamnkonkoshela angavuma ukuba ahambe, ngaze ngamfaka endlini kamame, nasekamelweni lalowo engavundla esiswini sakhe.
Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Lumnandi kakhulu kangakanani uthando lwakho, ukwedlula iwayini, nephunga lamakha akho, kunawo wonke amakha!
Masivuke ekuseni siye ezivinini, siyobona ukuthi umvini usuqhakazile, nezimbali zawo sezivulekile, nokuthi amahananadi asekhahlele. Kulapho ngiyokunikeza khona uthando lwami.
nolwanga lwakho lufane newayini elihle, elehla kabushelelezi kothandiweyo wami, lewuka ezindebeni nasemazinyweni.
Sengathi ngabe ungumfowethu esancela bele linye naye kumame! Uma bengingakuthola ngaphandle bengiyakukuqabula, ngingabe ngisabukelwa muntu phansi.
Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.
nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.
Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu.
Ngawa phansi phambi kwezinyawo zayo, ngakhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Ungakwenzi lokho; ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu, ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuphrofetha.”