Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:2 - IsiZulu 2020

Bengizakukuhola ngikuse endlini kamame owangifundisa; mina ngikuphuzise iwayini elithakwe ngezinongo, nesiphuzo sami samahananadi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bengiyakukuhola, ngikuyise endlini kamame; ubuyakungifundisa; bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo, amanzi ompomegranati* wami.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Bengiyakukuhola, ngikungenise endlini kamame, abeyakungifundisa; bengiyakunathisa izinongo zompomegranati wami.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:2
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuhlabe umhlatshelo, kwavubela iwayini lakho, kwadeka netafula lakho.


Ngithe nje ukwedlula kancane kubo, ngase ngizithela kothandwa ngumphefumulo wami. Ngambamba, ngamnkonkoshela angavuma ukuba ahambe, ngaze ngamfaka endlini kamame, nasekamelweni lalowo engavundla esiswini sakhe.


Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Lumnandi kakhulu kangakanani uthando lwakho, ukwedlula iwayini, nephunga lamakha akho, kunawo wonke amakha!


Masivuke ekuseni siye ezivinini, siyobona ukuthi umvini usuqhakazile, nezimbali zawo sezivulekile, nokuthi amahananadi asekhahlele. Kulapho ngiyokunikeza khona uthando lwami.


nolwanga lwakho lufane newayini elihle, elehla kabushelelezi kothandiweyo wami, lewuka ezindebeni nasemazinyweni.


Sengathi ngabe ungumfowethu esancela bele linye naye kumame! Uma bengingakuthola ngaphandle bengiyakukuqabula, ngingabe ngisabukelwa muntu phansi.


Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.


Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lingumama wethu.


nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.


Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu.


Ngawa phansi phambi kwezinyawo zayo, ngakhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Ungakwenzi lokho; ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu, ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuphrofetha.”