IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:10 - IsiZulu 2020 Mina ngingowothandiweyo wami, naye uyangilangazelela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina ngingowothandiweyo wami, uyanginxanela. Contemporary Zulu Bible 2024 Mina ngingowothandiweyo wami, futhi ukufisa kwakhe kukimi. |
khona inkosi izokhangwa ngubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, uboyikhothamela.
Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami. Welusela phakathi kweminduze.
“Ndodana yomuntu, ngiyakususa kuwe okunxanelekayo emehlweni akho ngokuphazima kweso, kepha ungakhali, ungakhihli sililo, futhi kungaphumi zinyembezi kuwe.
“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bonababe nami lapho ngikhona, ukuze bayibone inkazimulo yami ongiphe yona, ngokuba wangithanda umhlaba ungakasekelwa.
Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo,
Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.