UJakobe ezibona, wathi kuzo: “Leli yibutho likaNkulunkulu.” Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiMahanayimu.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:13 - IsiZulu 2020 Buya, buya mShulami! Buya, buya ukuze sikubuke! Yini enizoyibona kumShulami na? Kunjengokusina phakathi kwamaqembu amabili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Phenduka, phenduka, mShulamiti! Phenduka, phenduka ukuba sikubuke! Nibonani kumShulamiti? Kunjengokusina kwaseMahanayimi. Contemporary Zulu Bible 2024 Buya, buya, Shulamiti! buya, buya, ukuze sikubheke. Yini ozoyibona kumShulami? Iqembu lamabutho amabili, njengokungathi. |
UJakobe ezibona, wathi kuzo: “Leli yibutho likaNkulunkulu.” Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiMahanayimu.
Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.
UDavide wahamba waze wafika eMahanayimi, kodwa u-Absalomu nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bawela iJordani.
Ningabuki ukuthi ngimnyama, ngifuswe yilanga. Amadodana esizalwa mfazi munye nawo, angithukuthelele, angenza umlindizivini, ngangabe ngisasilinda esami.
Juba lami elisemifantwini yedwala elisekusithekeni endaweni eyehlelayo, mangikubone siqu sakho. Mangizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nesiqu sakho siyabukeka.
Ngingazelele nje ukulangazelela kwami kwangibeka ezinqoleni zempi, zabantu benkosana yami.
“Ngenxa yokuthi laba bantu bawenqaba amanzi aseShilowa ageleza buthule, bathokozela uRezini nendodana kaRemaliya,
“Buyani nina bantwana enihlubukayo; ngizoniphulukisa ekuhlubukeni kwenu.” “Bheka, sesilapha, siza kuwe, ngokuba unguSimakade uNkulunkulu wethu.
Ngithi kini: kanjalo-ke kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni esisodwa esiphendukayo.”
Waphendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi okugeza izinyawo, kodwa lo wesifazane umantisile izinyawo zami ngezinyembezi zakhe, wazesula ngezinwele zakhe.
Nginezinye izimvu ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo kufanele ngiziqoqe, ziyakulizwa iphimbo lami, bese ziba mhlambi munye nomelusi munye.
wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” igama elihunyushwa kuthiwe, oThunyiweyo. Yahamba-ke, yageza, yabuya isibona.
Ngabe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Ngabe akasiye yini nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe futhi,
Kodwa ngibona omunye umthetho ezithweni zami, olwayo nomthetho osengqondweni yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.
Ngokuba imvelo eyonakeleyo ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya okuphambene nemvelo eyonakeleyo. Lezi zinto ziyamelana, ukuze ningakwenzi lokho enikufisayo.
lapho ifika ukuba ikhazimuliswe kubo abangcwele bayo, idunyiswe ngalolo lusuku yibo bonke abakholwayo, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.
u-Abhrahama wamabela okweshumi kukho konke, yena ogama lakhe okokuqala uma lihunyushwa lisho ukuthi inkosi yokulunga, bese kuba yinkosi yaseSalema, okuchaza ukuthi inkosi yokuthula.
niqaphe, lapho amadodakazi aseShilo ephuma ukuba azosina, anophuma ezivinini, kube yilowo azithwalele umfazi ezintombini zaseShilo, nibuyele kwaBhenjamini.