Kukodwa zwi engikucela kuSimakade, yilokhu nje engizimisele ukukwenza: ukuba ngihlale endlini kaSimakade zonke izinsuku zokuphila kwami, ngibuke ubuhle bukaSimakade, ngizindle ngisendlini yakhe.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:13 - IsiZulu 2020 Izihlathi zakhe zifana nombhede wamakha, imibhoshongo yamakhambi anephunga elimnandi. Izindebe zakhe zomlomo zifana neminduze econsa imure emanzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izihlathi zakhe ziyizindima zamakha ezithaphuka iphunga, nezindebe zakhe ziyiminduze econsa imure* elimanzi. Contemporary Zulu Bible 2024 Izihlathi zakhe zinjengombhede weziqholo, njengezimbali ezimnandi; izindebe zakhe njengeminduze econsa imure elinuka kamnandi. |
Kukodwa zwi engikucela kuSimakade, yilokhu nje engizimisele ukukwenza: ukuba ngihlale endlini kaSimakade zonke izinsuku zokuphila kwami, ngibuke ubuhle bukaSimakade, ngizindle ngisendlini yakhe.
Wena umuhle kunabo bonke abantu, umusa uthululelwe ezindebeni zakho. Ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.
Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo, sihamba ekukhanyeni kobukhona bakho, Simakade.
Bheka, umuhle, wena othandiweyo wami, yebo, uyathokozisa. Indawo esicambalala kuyo iluhlaza.
Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?
Izindebe zomlomo wakho ziconsa njengamakhekheba ezinyosi; makoti wami, uju nobisi kungaphansi kolimi lwakho, iphunga lezingubo zakho linjengephunga laseLebhanoni.
Ngavuka ngamvulela othandiweyo wami, izandla zami zaconsa imure, nemure eyayiseminweni yami, yagelezela phezu kwezibambo zesihluthulelo.
Othandiweyo wami wehlele esivandeni sakhe, emibhedeni yamakha, welusele ezivandeni, ukuze akhe iminduze.
INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi; njalo ekuseni ivusa indlebe yami, ukuba ngilalele njengofundiswayo.
Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekungcofweni nasekufelweni ngamathe.
Bonke bakhuluma kahle ngaye, bemangaliswa ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Kanti lo akasiyo yini indodana kaJosefa na?”
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.