Ngesikhathi inkosi isahleli etafuleni layo, inadi lami lathaphuka iphunga lalo.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:10 - IsiZulu 2020 Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Lumnandi kakhulu kangakanani uthando lwakho, ukwedlula iwayini, nephunga lamakha akho, kunawo wonke amakha! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Luhle kangakanani uthando lwakho, kunewayini, nephunga lamafutha akho kunamakha onke! Contemporary Zulu Bible 2024 Luhle kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! lungcono kangakanani uthando lwakho kunewayini! nephunga lamakhambi akho njengazo zonke izinongo! |
Ngesikhathi inkosi isahleli etafuleni layo, inadi lami lathaphuka iphunga lalo.
Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?
Ungephuce inhliziyo yami, dadewethu, makoti wami. Ungephuce inhliziyo yami ngokungibuka kanye nje ngeso lakho, nangomucu owodwa nje womgexo wentamo yakho.
Ngavuka ngamvulela othandiweyo wami, izandla zami zaconsa imure, nemure eyayiseminweni yami, yagelezela phezu kwezibambo zesihluthulelo.
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa,
Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.
Kuthe isiyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angama-24 awa athi mbo ngobuso phambi kweMvana, yilelo nalelo liphethe ihabhu, nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.