Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, alinde imihla ngemihla emasangweni ami, ahlale ngasezinsikeni zeminyango yami.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:2 - IsiZulu 2020 Manje ngizovuka ngizungeze emzini, emigwaqweni nasemashashalazini, ngizomfuna othandwa ngumphefumulo wami. Ngamfuna, kodwa angimtholanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini, ezitaladini nasezigcawini; ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kepha angimtholanga. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakusukuma, ngihambahambe emzini ezitaladini nasezitaladini ngiyakumfuna othandwa ngumphefumulo wami; Ngamfuna kodwa angimtholanga. |
Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, alinde imihla ngemihla emasangweni ami, ahlale ngasezinsikeni zeminyango yami.
Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami, umhlambi wakho uweluselaphi, uwuphumuzelaphi emini na? Kungani kumele ngihambe ngicinga emihlanjini yabangani bakho, njengowesifazane ogubuzele ngemvakazi na?
Abalindi abazungeza emzini, bazithela phezu kwami: “Animbonanga yini othandwa ngumphefumulo wami na?”
Ngavuka ngamvulela othandiweyo wami, izandla zami zaconsa imure, nemure eyayiseminweni yami, yagelezela phezu kwezibambo zesihluthulelo.
Akukho namunye obiza iGama lakho, nozama ukubambelela kuwe, ngokuba ubusithibezile ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
“Yehlani nenyuka emigwaqweni eJerusalema, nibheke nxazonke, niqaphele, nicinge ezigcawini zalo, uma niyofumana umuntu abe munye vo owenza ubulungiswa, ofuna iqiniso; khona ngiyolithethelela.
Yenzani lokhu, ngokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni. Ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunangaleso sikhathi esaqala ngaso ukukholwa.
Phaphamani, niziphathe kahle, yekani ukona, ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; lokhu ngikusho ukuze nibe namahloni.
ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”