IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:10 - IsiZulu 2020 Izinsika zayo yazenza ngesiliva, iphansi layo ngegolide, isihlalo sayo ngokubukhwebezane, ingaphakathi layo ligandaywe ngothando, ngamadodakazi aseJerusalema. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yenza izinsika zalo ngesiliva, nephansi lalo ngegolide, nesihlalo salo ngokububende, ubuphakathi balo bugandaywe ngothando lwamadodakazi aseJerusalema. Contemporary Zulu Bible 2024 Wenza izinsika zalo ngesiliva, iphansi lazo ngegolide, nesembozo sazo ngokunsomi, phakathi kwazo simbozwe uthando lwamadodakazi aseJerusalema. |
Madodakazi aseJerusalema, ngimnyama kodwa ngimuhle. Nginjengamathende akwaKhedari, nanjengamakhethini kaSolomoni.
Kepha uNkulunkulu ubonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu, ukuthi siseyizoni, uKhristu wasifela.
nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,
Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona. Ngiyakuloba kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini livela kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.