IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:6 - IsiZulu 2020 Umkhono wakho wakwesokhohlo ungumqamelo wekhanda lami kuthi owangakwesokunene ungigone ngawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami, nesokunene siyangigona. Contemporary Zulu Bible 2024 Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami, esokunene siyangigona. |
Madodakazi aseJerusalema, fungani nigomele ngezinsephe, noma ngezindluzelakazi zasendle; ngeke naluvusa uthando. Luyekeni luziqubukele lona ngokwalo!
Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli lizwe, ngayo yonke inhliziyo yami, nangawo wonke umphefumulo wami.
USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”
Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe.