IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:2 - IsiZulu 2020 Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintokazi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi. Contemporary Zulu Bible 2024 Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwamadodakazi. |
Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.
Esikhundleni sogagane, kuyomila umsayiphuresi; nasesikhundleni samakhakhasi, kumile umbomvana. Kuyokuba yisikhumbuzo kuSimakade, nesibonakaliso saphakade esingeyukuphela, esingasayukunqunywa.”
“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.
Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.