ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:16 - IsiZulu 2020 Othandiweyo wami ungowami, nami ngingowakhe; welusela phakathi kweminduze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Othandiweyo wami ungowami, mina ngingowakhe; uyalusa phakathi kweminduze. Contemporary Zulu Bible 2024 Othandiweyo wami ungowami, mina ngingowakhe; udla ngaphansi kweminduze. |
ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.
Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna. Umphefumulo wami womele Wena, umzimba wami ulangazelela Wena, ezweni eligagadekileyo, lapho kungekho khona amanzi.
Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami, umhlambi wakho uweluselaphi, uwuphumuzelaphi emini na? Kungani kumele ngihambe ngicinga emihlanjini yabangani bakho, njengowesifazane ogubuzele ngemvakazi na?
Amabele akho amabili anjengamazinyane, izixhumo zendluzelakazi ezingamaphahla, ziklabe phakathi kweminduze.
Othandiweyo wami wehlele esivandeni sakhe, emibhedeni yamakha, welusele ezivandeni, ukuze akhe iminduze.
Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami. Welusela phakathi kweminduze.
Amamandragora athaphuka iphunga elimnandi, ngaseminyango yethu kukhona zonke izinhlobo zezithelo zekhethelo, ezintsha nezindala, engizibekele wena, othandiweyo wami.
“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.
Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”
Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.