IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:13 - IsiZulu 2020 Umkhiwane usuthelile, amakhiwane aseluhlaza, nemivini iyaqhakaza, kuthaphuka iphunga layo. Vuka sithandwa sami, muhlekazi wami, woza sihambe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza, imivini inezimbali, ithaphuka iphunga layo; vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe.” Contemporary Zulu Bible 2024 Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza; Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami, uze uhambe. |
Othandiweyo wami waphendula wathi kimi: “Vuka sithandwa sami, simomondiya sami, woza sihambe.
Sibambeleni izimpungushe, amazinyane azo angazoni izivini, ngokuba izivini zethu zisaqhakaza.
Ngehlele esivandeni samantongomane ukuyobona izithelo eziluhlaza esihosheni, nokubona ukuthi ngabe umvini usuqhakazile namahananadi asekhahlele.
Ngithi: “Ngizokhwela esihlahleni sesundu, ngibambelele emagatsheni aso.” Ngiyakucela, sengathi isifuba sakho singafana namahlukuzo omvini, nephunga lokuphefumula kwakho lifane namahhabhula,
Ngokuba ngaphambi kokuvuna, lapho imbali isiqhakaze yaze yaphenduka igilebhisi elivuthiweyo, uzowanquma wonke amagatsha ngocelemba, namagatsha enabileyo uwanqume, uwasuse.
Njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo, nanjengokuba insimu ihlumisa okutshalwe kuyo, kanjalo iNkosi uSimakade iyokuveza ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.
Amahlumela akhe ayokwenaba, ubuhle bakhe bube njengomnqumo, iphunga lakhe liyakuba njengemisedari yaseLebhanoni.
Isekhona yini imbewu enqolobaneni na? Imivini, imikhiwane, amahananadi, iminqumo akuthelanga. Kodwa kusukela ngalolu lusuku ngiyakukubusisa.”
“Fundani emzekelisweni womkhiwane; uma igatsha lawo selithamba, kuhlume amacembe, nisuke senazi-ke ukuthi seliyathwasa ihlobo.
Wathi: “Sengathi ngabe nawe ubuwazi ngalolu lusuku, lokho okungakulethela ukuthula. Kepha manje kufihlakele emehlweni akho.
Singamanxusa kaKhristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKhristu sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”