IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:6 - IsiZulu 2020 Ningabuki ukuthi ngimnyama, ngifuswe yilanga. Amadodana esizalwa mfazi munye nawo, angithukuthelele, angenza umlindizivini, ngangabe ngisasilinda esami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ningangibuki ukuthi ngimnyamana, ngokuba ilanga lingifusile. Amadodana kamame angifutha, angenza umlindizivini, kepha isivini esingesami angisilindanga. Contemporary Zulu Bible 2024 Ningangibheki, ngokuba ngimnyama, ngokuba ilanga lingibhekile; abantwana bakamama bangithukuthelela; bangibeka umlindi wezivini; kodwa mina angisigcinanga isivini sami. |
Abafowenu nabendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, bamemeza bekhala emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”
Ngilimele ngokulinyazwa kwendodakazi yabantu bami, ngiyalila, ukwesaba kungikhungethe.
Manje asemnyama ukwedlula ilahle, ngeke usawakhomba ngisho emigwaqweni. Isikhumba sawo sesishwabene sanamathela emathanjeni awo, sesome safana nokhuni.
Ngokuba indodana iphatha kabi uyise; indodakazi ivukela unina; umakoti umelana noninazala, nezitha zomuntu ngabantu bendlu yakhe.
Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kodwa oqiniselayo kuze kube sekupheleni, uyakusindiswa.
Kwanele uma umfundi enjengomfundisi wakhe, nenceku injengenkosi yayo. Uma umninindlu bembize ngokuthi uBhelzebhule, kakhulu kangakanani abendlu yakhe.
beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”
Njengalokhu owayezelwe ngokwenyama wamhlupha owayezelwe ngokukaMoya, kusenjalo namanje.