IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:2 - IsiZulu 2020 Makangiqabule ngokuqabula komlomo wakhe! Uthando lwakho lumnandi kunewayini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Makangange ngokwanga komlomo wakhe! Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini. Contemporary Zulu Bible 2024 Makangange ngokwanga komlomo wakhe, ngokuba uthando lwakho lungcono kunewayini. |
Wabanga bonke abafowabo ngamunye, ekhala. Emveni kwalokho abafowabo baxoxa naye.
Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.
Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu! Bonke abantu baphephela phansi komthunzi wamaphiko akho.
Ngidonse ngikulandele, sigijime. Inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyojabula, sithokoze ngawe; uthando lwakho siyolukhumbula ukwedlula iwayini. Abalungileyo bayakuthanda.
Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Lumnandi kakhulu kangakanani uthando lwakho, ukwedlula iwayini, nephunga lamakha akho, kunawo wonke amakha!
Okuphuma emlonyeni wakhe kumnandi, konke ayikho kuyanxaneleka. Yilowo othandiweyo wami, yilowo-ke ongumngani wami, madodakazi aseJerusalema.
Masivuke ekuseni siye ezivinini, siyobona ukuthi umvini usuqhakazile, nezimbali zawo sezivulekile, nokuthi amahananadi asekhahlele. Kulapho ngiyokunikeza khona uthando lwami.
nolwanga lwakho lufane newayini elihle, elehla kabushelelezi kothandiweyo wami, lewuka ezindebeni nasemazinyweni.
Kule ntaba kaSimakade Wamabandla uyokwenzela zonke izizwe idili ngokukhulupheleyo nokunomnkantsha, idili lewayini eliqoqodileyo, elinenhlese ecwengekileyo.
Kuthe besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thathani nidle, lokhu kungumzimba wami.”
Yayisisuka, yaya kuyise. Kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.
Thina sesiluqedile uhambo sisuka eThire, safika ePhetholemayi, sesibabingelele abazalwane, sahlala nabo usuku.