Obadiya 1:6 - IsiZulu 2020 Maye, ngokuphundlwa kuka-Esawu, nokuvundululwa komcebo wakhe obufihliwe! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yeka ukufunisiswa kuka-Esawu, yeka ukuphenywa kwamagugu akhe afihliweyo! Contemporary Zulu Bible 2024 Yeka ukuthi ziphenyisiswa kanjani izinto zika-Esawu! zihlolisiswa njani izinto zakhe ezifihliweyo! |
Abantwana babo bayophohlozwa bebuka, izindlu zabo ziphangwe, omkabo badlwengulwe.
Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezifihlakeleyo, ukuba wazi ukuthi nginguSimakade okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli.
Kepha Mina, ngizomhlubula u-Esawu, ngambule izindawo zakhe ezifihlekile akayukukwazi ukucasha; izizukulwane zakhe, izihlobo zakhe, nomakhelwane bakhe bayakubhujiswa, baphele nya.
Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo, izinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ekulo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.
uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo; uyazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlezi kuye.