Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Obadiya 1:4 - IsiZulu 2020

Noma ungaphakama njengokhozi, noma ngabe isidleke sakho singakhiwa phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona lapho, kusho uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Noma uphakama njengokhozi, kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Noma uziphakamisa njengokhozi, noma ubeka isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta



Obadiya 1:4
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Isandla sami sithole umcebo wezizwe; njengomuntu ebutha amaqanda ashiywe esidlekeni senyoni, nami ngiwubuthe kanjalo-ke umhlaba wonke. Akubangabikho lutho olwake lwathi nyaka, nolwathi nkente, nolwake lwathi tshiyo.”


Ukwesabeka kwakho nokuziqhenya kwenhliziyo yakho kukudukisile, wena ohleli emifantwini yamadwala, esicongweni segquma. Noma isidleke sakho ungasakha phezulu njengokhozi; ngiyakwehlisa khona lapho,” kusho uSimakade.


“Ngisho noma iBhabhele lingafinyelela esibhakabhakeni, liyiqinise inqaba yalo ephakemeyo, nokho ngiyakuthumela ababhubhisi, balithelekele,” kusho uSimakade.


Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho.


Maye, kulowo ozuzela indlu yakhe ngokungalungile inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuze azihlenge esandleni senhlekelele!