Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Obadiya 1:16 - IsiZulu 2020

Impela njengoba niphuzile entabeni yami engcwele, zonke izizwe ziyakuphuza zingaphezi, ziphuze, zigwinye, kube sengathi azizange zibe khona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele, bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe, baphuze, bagwinye, babe njengokungathi abazange babe khona.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele, ziyakuphuza kanjalo zonke izizwe, ziphuze, zidle, zibe sengathi azigezwanga.

Uka jalj uñjjattʼäta



Obadiya 1:16
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Sengithule isikhathi eside; ngizibambile ngathula. Sengizokhala njengowesifazane ebeletha, ngihefuzele, ngibitoze ngasikhathi sinye.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Uma labo okungafanele baphuze endebeni, bephuzile kuyo, pho kungani wena ungenakujeziswa na? Ngeke uyekwe ungajeziswa, impela nawe uyophuza kuyo.


Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu.


“Niyakukwazi-ke ukuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu ohlala eZiyoni, intaba yami engcwele. IJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayukudabula futhi kulo.


Sonke ngothi lwaso sitheleka ngendluzula, ubuso baso buqonde ngqo phambili; sibutha abathunjwa njengesihlabathi.


Manje sekuyisikhathi sokuba ukwehlulela kuqale endlini kaNkulunkulu, kepha uma kuqala kithi, siyakubanjani isiphetho salabo abangalilaleli ivangeli likaNkulunkulu na?