Sizosuka lapha silibangise eBhethele, lapho ngizofike ngakhe khona i-althare likaNkulunkulu, okunguYena owangikhulula enhluphekweni engangibishe kuyo, waba nami yonke indawo lapho bengihamba khona.”
Obadiya 1:14 - IsiZulu 2020 Kwakungafanele ume ezimpambanweni zemigwaqo ukuba unqume abakubo abaphunyukileyo. Kwakungafanele ukhaphele abasindileyo bakubo ngosuku losizi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungemi enhlanganweni yezindlela ukunquma abaphunyukileyo bakhe, ungakhapheli abaseleyo bakhe ngosuku losizi. Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi bekungafanele ume ezimpambanweni zezindlela ukuze uqothule abaphunyukileyo; nabasalayo osukwini lwenhlupheko anizange nizinikele. |
Sizosuka lapha silibangise eBhethele, lapho ngizofike ngakhe khona i-althare likaNkulunkulu, okunguYena owangikhulula enhluphekweni engangibishe kuyo, waba nami yonke indawo lapho bengihamba khona.”
“Lulekanani, nithathe isinqumo, umphefumulo wabo ube njengobusuku phakathi kwemini, nibhacise abaxoshiweyo, ningabadaluli ababalekileyo.
Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabagogobale phakathi kwenu, nibe yisiphephelo sabo kumbhubhisi.” Kuyothi lapho umcindezeli engasekho, nokubhujiswa sekuphelile, seziqediwe nezidlova ezweni,
Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi lolu wusuku losizi, lokukhankathwa nokwedelelwa. Abantwana sebelungele ukuzalwa, kodwa amandla okubazala awekho.
Maye, lukhulu lolo lusuku, alukho olunjengalo! Lesi yisikhathi sokuhlupheka kuJakobe, kodwa uzosindiswa kukho.
Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseGaza, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo ukuba babakhaphele ku-Edomi.
Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseThire, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo babakhaphela ku-Edomi, bangasikhumbula isivumelwano sabafowabo.
Kodwa kwakungafanele uthokoze ngosuku lomfowenu mhla evelelwa yishwa. Kwakungafanele ujabule mayelana nabantu bakwaJuda ngosuku lokubhujiswa kwabo. Kwakungafanele ubhuqe ngomlomo wakho ngosuku losizi.
ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zemigwaqo, nimeme noma yimuphi enimtholayo ukuba eze emshadweni.’