Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




NgokukaMarku 7:9 - IsiZulu 2020

Wayesethi kubo: “Yebo, nilahla umyalo kaNkulunkulu ukuze nigcine isiko lenu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wayesethi kubo: “Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Wathi kubo: “Niyakulahla umyalo kaNkulunkulu, ukuze nigcine isiko lenu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wathi kubo: “Niyakulahla umyalo kaNkulunkulu, ukuze nigcine isiko lenu.

Uka jalj uñjjattʼäta



NgokukaMarku 7:9
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Sekuyisikhathi sokuba uSimakade asukume, ngokuba bawuphulile umthetho wakho.


Umhlaba ungcolisiwe ngabakhileyo kuwo, ngokuba bayeqile imithetho, baphambuka ezimisweni, basephula isivumelwano saphakade.


INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


Iyakukhuluma amazwi amelene noPhezukonke, ibakhathaze abangcwele bakhe; icabange ukuguqula izikhathi ezimisiweyo nomthetho. Bayakunikelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi, nezikhathi, nengxenye yesikhathi.


Nilenza ize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu enalamukelayo, nokunye okuningi okunjalo enikwenzayo.”


Ngokuba abaFarisi nabaJuda bonke abadli bengazigezanga izandla, belandela isiko lokhokho;


AbaFarisi nezazimthetho bambuza bathi: “Kungani abafundi bakho bengaqhubi ngokwenkambiso yabadala na?”


Ngakho-ke umthetho siwenza ize yini ngenxa yokukholwa na? Qha akunjalo, kodwa siyawuqinisa umthetho.


Uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingakaze sinishumayeze Yena, noma namukela omunye umoya eningawemukeliswanga, noma elinye ivangeli elehlukile eningalemukeliswanga, niyashesha ukukubekezelela lokho.


Ngangilishoshozela ebuJudeni, elidlula abaningi kontanga nasesizweni sakithi, ngiwashisekela kakhulu kunabo amasiko okhokho bami.


Angiwushayi indiva umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, lokho kusho ukuthi uKhristu wafela ize.”


omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.