INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,
NgokukaMarku 7:6 - IsiZulu 2020 UJesu wayesethi kubo: “U-Izaya waphrofetha kahle ngani, nina bazenzisi, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kodwa inhliziyo yaso ikude nami; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi kubo: “U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi: “ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; Baasraak Zulu New Testament Bible Wasephendula wathi kubo: UIsaya waprofetha kuhle ngani bazenzisi, njengokulotshiweyo ukuthi: Lababantu bangidumisa ngezindebe zabo, kodwa inhliziyo yabo ikude lami. Contemporary Zulu Bible 2024 Wasephendula wathi kubo: UIsaya waprofetha kuhle ngani bazenzisi, njengokulotshiweyo ukuthi: Lababantu bangidumisa ngezindebe zabo, kodwa inhliziyo yabo ikude lami. |
INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,
Bafika kuwe bengabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, balalele amazwi akho, nokho abawagcini. Ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ibe ilandela inzuzo yabo engafanele.
Ukuba bengingayenzanga imisebenzi phakathi kwabo, engazange yenziwe muntu omunye, ngabe abanasono; kepha manje bayibonile, bangizonda Mina kanye noBaba.
Kwathi ukuba bangezwani bodwa, base behlakazeka, uPawula wakhuluma izwi laba linye lokuthi: “UMoya oNgcwele wakhuluma kahle ngo-Izaya umphrofethi kokhokho benu, ethi:
abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kodwa bewaphika amandla okukholwa; labo-ke wobagwema.
Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.