Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.
NgokukaMarku 7:10 - IsiZulu 2020 Ngokuba uMose wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Noma ngubani othuka uyise noma unina, makafe nokufa.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uMose wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa;’ Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba uMose wathi: “Yazisa uyihlo nonyoko; nokuthi: “Othuka uyise noma unina makafe nokufa; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uMose wathi: “Yazisa uyihlo nonyoko; nokuthi: “Othuka uyise noma unina makafe nokufa; |
Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.
“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyokopolotwa ngamagwababa asemfuleni, lidliwe ngamachwane okhozi.
“ ‘Yilowo nalowo othuka uyise nonina uyobulawa nokubulawa, lokhu ethuke uyise nonina; igazi lakhe liyoba phezu kwakhe.
Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ wathi futhi: ‘Othuka uyise nonina makafe nokufa.’
Uyayazi imiyalelo ethi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungaqhwagi muntu, hlonipha uyihlo nonyoko.”
“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.