Usho kanje uSimakade kubantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uthi: “Qathani umqatho wenu, ningatshali phakathi kwameva.
NgokukaMarku 4:7 - IsiZulu 2020 Enye imbewu yawela emeveni, ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela sithelo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela isithelo. Baasraak Zulu New Testament Bible Enye yawela phakathi kwameva, ameva akhula ayiminyanisa, kodwa ayizange ithele. Contemporary Zulu Bible 2024 Enye yawela phakathi kwameva, ameva akhula ayiminyanisa, kodwa ayizange ithele. |
Usho kanje uSimakade kubantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uthi: “Qathani umqatho wenu, ningatshali phakathi kwameva.
Lokho okuhlwanyelwe emeveni, yilowo ozwa izwi, kuthi iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuliminyanise izwi, abe ngongatheliyo.
Enye yawela emhlabathini ovundileyo; yathela izithelo, ngekhulu, ngama-60 nangama-30.
Enye imbewu yawela emhlabathini ovundileyo; yaqhuma, yakhula, yathela isithelo. Enye yathela ngama-30, enye ngama-60, enye ngekhulu.”
UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nilwexwaye lonke uhlobo lokuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe.”
“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume,
Abawele emeveni, yilabo okuthi sebelizwile izwi, bahambe, baminyaniswe yiminako, yingcebo, nenjabulo yokuphila, bangatheli izithelo eziqhamileyo.