ngathi: ‘Uyokhuphuka ugcine lapha, kepha awuyukudlula, kulapho amaza akho aziqhenyayo azokuma khona’?
NgokukaMarku 4:41 - IsiZulu 2020 Base beba nokwesaba okukhulu, bakhuluma bodwa, bathi omunye komunye: “Kanti ungubani lo, lokhu ngisho umoya nolwandle kuyamlalela na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Kanti lo ungubani, lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?” Baasraak Zulu New Testament Bible Basesaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Ubani lo, ukuthi nomoya nolwandle kumlalele? Contemporary Zulu Bible 2024 Basesaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Ubani lo, ukuthi nomoya nolwandle kumlalele? |
ngathi: ‘Uyokhuphuka ugcine lapha, kepha awuyukudlula, kulapho amaza akho aziqhenyayo azokuma khona’?
UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.
“Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika lokho ukuba angihloniphe, wangihlonipha, futhi walesaba iGama lami.
Kepha owesifazane ekwazi okwakwenzekile kuye, wesaba, wathuthumela, weza waziphonsa phansi phambi kukaJesu, wamtshela lonke iqiniso.
Bamangala ngokwedlulele, bathi: “Wenze konke kahle; izithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”
Bonke bafikelwa ngukwesaba, bakhuluma bodwa, bathi: “Lizwi lini leli, ngokuba ukhuluma ngegunya namandla, ukhuza imimoya engcolileyo, iphume na?”
Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?” Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ngubani kanti lo okhuza umoya namanzi, kumlalele na?”
Ngakho-ke njengalokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibambelele emseni, simkhonze uNkulunkulu ngendlela efaneleyo; ngokumthokozisa, ngokumhlonipha nangokuthuthumela,
Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”
Yesabani uSimakade Yena yedwa, nimkhonze ngeqiniso, ngenhliziyo yenu yonke, nikhumbule izinto ezinkulu anenzele zona.