UJehu waphumela phandle ezincekwini zenkosi yakhe. Enye yazo, yathi kuye: “Ngabe konke kusalungile yini na? Beluzofunani lolu hlanya na?” Wathi kuzo: “Niyamazi nina lowo muntu nakushilo.”
NgokukaMarku 3:21 - IsiZulu 2020 Abakubo, sebekuzwile lokho, baphuma ukuyomthatha, ngokuba bathi usangene. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abakubo sebekuzwile baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi uyahlanya. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi abangabakhe bekuzwa baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi: Uyahlanya. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi abangabakhe bekuzwa baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi: Uyahlanya. |
UJehu waphumela phandle ezincekwini zenkosi yakhe. Enye yazo, yathi kuye: “Ngabe konke kusalungile yini na? Beluzofunani lolu hlanya na?” Wathi kuzo: “Niyamazi nina lowo muntu nakushilo.”
‘USimakade ukubeke umphristi esikhundleni sikaJehoyada, umphristi, ukuba nibe ngabaqaphi babo bonke abantu abahlanyayo nabaphrofethayo endlini kaSimakade, ukuze ubafake ejele nasemaketangweni.
Sezifikile izinsuku zokujeziswa, izinsuku zokuphindisela, u-Israyeli makakwazi lokho. Umphrofethi uyisiwula, umuntu onomoya uyahlanya ngenxa yeziphambeko zakho eziningi nangobutha obukhulu.
Kwase kufika unina kaJesu nabafowabo, bema ngaphandle, base bethumela kuye ukuba ayobizwa.
Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawula, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.”
Ngokuba noma singathi siyahlanya, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu.