Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi, uyobuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.
NgokukaMarku 16:6 - IsiZulu 2020 Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni. Uvukile; kakho lapha; bonani nansi indawo lapho bebembeke khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona. Baasraak Zulu New Testament Bible Wathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha; bhekani indawo lapho ababembeke khona. Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha; bhekani indawo lapho ababembeke khona. |
Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi, uyobuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.
Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
wathi: “Ufunani kithi Wena Jesu waseNazaretha na? Uze ukuba uzosibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani – ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
Bonke bethuka, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu na? Yisifundiso esisha, esinegunya; uyala ngisho nomoya abangcolileyo, bamlalele.”
bayiklolodele, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale, kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”
Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uKhristu uzakuhlupheka, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu.
Lowo uNkulunkulu wamvusa eseyiqede nya iminjunju yokufa, ngokuba kwakungeke kwenzeke ukuba abanjwe ngukufa.
makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu uKhristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, kungaye lo muntu emi phambi kwenu, esindile.