Ngiyakumbizela inkemba uGogi imelane naye, ivela kuzo zonke izintaba zami, inkemba yalowo nalowo iyakumelana nomfowabo.
NgokukaMarku 13:12 - IsiZulu 2020 “Khona umuntu uyakukhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Yebo, abantwana bayakubavukela abazali babo, bababulale. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Khona umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni noyise umntanakhe, yebo, abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise indodana; labantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise indodana; labantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. |
Ngiyakumbizela inkemba uGogi imelane naye, ivela kuzo zonke izintaba zami, inkemba yalowo nalowo iyakumelana nomfowabo.
“Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale.
Uma beniqhuba, benikhaphela, ningaqali nikhathazeke ngokuthi niyakuthini, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi kukhulumeni, ngokuba akunina enikhulumayo, kodwa nguMoya oNgcwele.
Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa obekezelayo kuze kube sekupheleni, nguye oyakusindiswa.
Impela niyakukhashelwa ngisho ngabazali, abafowenu, izihlobo nabangani; abanye benu bayakubulawa yibo.