NgokukaMarku 13:11 - IsiZulu 2020 Uma beniqhuba, benikhaphela, ningaqali nikhathazeke ngokuthi niyakuthini, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi kukhulumeni, ngokuba akunina enikhulumayo, kodwa nguMoya oNgcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa nxa benihola, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, ningakucabangi ngaphambili; kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; uMoya oNgcwele. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa nxa benihola, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, ningakucabangi ngaphambili; kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; uMoya oNgcwele. |
INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi; njalo ekuseni ivusa indlebe yami, ukuba ngilalele njengofundiswayo.
“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo.
“Khona umuntu uyakukhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Yebo, abantwana bayakubavukela abazali babo, bababulale.
“Ngakho-ke ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emikhandlwini, nishaywe emasinagogeni, nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.
“Kepha kungakenzeki konke lokho, bayakunibamba, banihluphe, banikhaphele emasinagogeni nasemajele, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.
UJohane waphendula, wathi: “Umuntu angemukele lutho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini.
Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela.
“UNkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wokhokho bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika phambi kukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula.
Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo ababehlanganele kuyo, bonke bagcwaliswa nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.
Bonke ababesemkhandlwini bamgqolozela uStefani, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.
Kepha yena, egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,
esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu, kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya.
Akayazisanga amadodana abantu ezizukulwaneni ezandulelayo, njengalokhu seyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaphrofethi ngoMoya,
Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.
Bambulelwa ukuthi lokho ababekwenza babengazenzeli nje bona, kodwa kwakuqondene nani, njengokuba bakhuluma ngalezo zinto, nani esenizizwa ngabashumayela ivangeli kini ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, lezo zinto izingelosi ezilangazelela ukuzibona.