NgokukaMarku 11:11 - IsiZulu 2020 UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini. Esebuke nxazonke, waphuma. Kuthe sekuhlwile, waya eBhethaniya nabali-12. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini; esekubukile konke waphuma, sekuhlwile, waya eBethaniya kanye nabayishumi nambili. Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wangena eJerusalema, ethempelini, waqalaza zonke izinto, sekuhlwile, waphuma waya eBethaniya nabayishumi nambili. Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wangena eJerusalema, ethempelini, waqalaza zonke izinto, sekuhlwile, waphuma waya eBethaniya nabayishumi nambili. |
Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicinge eJerusalema ngezibani, ngijezise abantu abanethezeke njengewayini liyekwe nenzika, abathi ezinhliziyweni zabo: “ ‘USimakade akakwenzi okuhle, ngeke akwenze nokubi.’
“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.