UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yemihlwathi, wenyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engafake zicathulo. Bonke abantu ababenaye bagubuzela, yilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka bekhala.
NgokukaMarku 11:1 - IsiZulu 2020 Kwathi lapho besondela eJerusalema, naseBhethifage, naseBhethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wayesethuma abafundi bakhe ababili, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ukuba basondele eJerusalema, naseBetfage, naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe, Baasraak Zulu New Testament Bible Sebesondele eJerusalema eBetfage naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe, Contemporary Zulu Bible 2024 Sebesondele eJerusalema eBetfage naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe, |
UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yemihlwathi, wenyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engafake zicathulo. Bonke abantu ababenaye bagubuzela, yilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka bekhala.
Ngalolo lusuku izinyawo zakhe ziyakuma eNtabeni Yeminqumo, leyo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga. Intaba yeminqumo iyakuqhekezeka phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube ngumhosha omkhulu. Ingxenye yentaba iyakuqhekezeka ngasenyakatho kuthi enye iqhekezeke ngaseningizimu.
Esahleli eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye ngasese, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho, nomhla wokuphela na?”
wathi kubo: “Hambani niye emzaneni oqondene nani, kuyakuthi nje lapho ningena kuwo, nifumane ithole lembongolo elingakaze ligitshelwe muntu, likhulekiwe; lithukululeni, nililethe.
Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, maqondana nethempeli, uPhethro, uJakobe, uJohane, no-Andreya bambuza ngasese,
Wayesethuma ababili kubafundi bakhe, wathi kubo: “Hambani niye emzini; nizakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi, mlandeleni.
UJesu wayesebiza abali-12, waqala ukubathuma ngababili, wabanika igunya lokukhipha omoya abangcolileyo.
Base bebuyela eJerusalema, besuka entabeni okuthiwa eyeMinqumo eseduze neJerusalema, eyibanga lohambo lwesabatha.