NgokukaMarku 10:6 - IsiZulu 2020 Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa, uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. |
UNkulunkulu wamdala umuntu waba ngumfanekiso wakhe, wamenza ukuba afuze Yena, wabadala owesilisa nowesifazane,
Wadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wababiza ngokuthi ngabantu ngosuku abadala ngalo.
Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona kusukela ekuqaleni kwendalo, lapho uNkulunkulu edala konke okudaliweyo kuze kube manje, nolungayukubuye lube khona.
Ngokuba selokhu kwadabuka umhlaba, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, nakuba kungabonakali, kwambuliwe kwaba sobala ezintweni ezidaliweyo; ngakho-ke abanazaba zokuzilandulela.
bethi: “Siphi isithembiso sokufika kwakhe na? Ngokuba selokhu okhokho balala, zonke izinto zisenjengoba zazinjalo kusukela ekuqaleni kokudalwa.”
Uma befika oyise noma abafowabo bezokhononda kithi, siyothi kubo: ‘Yibani nomusa kubo, nibavumele bawathathe, ngokuba empini asiyitholelanga mfazi indoda ngayinye, kodwa nani anibanikanga amadodakazi enu, ngabe manje ninecala.’ ”