NgokukaMarku 1:41 - IsiZulu 2020 UJesu egcwele isihawu, welula isandla sakhe, wamthinta, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wamhawukela, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu waba nesihe, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka. Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu waba nesihe, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka. |
Kwathi lapho ebona izixuku, waba nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zithithibele njengezimvu ezingenamalusi.
Kwase kufika kuye onochoko, wamncenga eguqe ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda ungangihlambulula.”
Wayesevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Umoya wawusuthula, kwaba nokuthula okukhulu.
Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha khumi,” okungukuthi uma kuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!”
Esehlile uJesu, ephuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu, wasihawukela, ngokuba sasinjengezimvu ezingenamelusi; wayeseqala esifundisa okuningi.
Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe futhi ifuze Yena luqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo. Ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.
Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.
Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.