NgokukaMarku 1:26 - IsiZulu 2020 Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu; waphuma kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye. Baasraak Zulu New Testament Bible Umoya ongcolileyo wamdwengula, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Umoya ongcolileyo wamdwengula, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye. |
Bonke bethuka, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu na? Yisifundiso esisha, esinegunya; uyala ngisho nomoya abangcolileyo, bamlalele.”
Base beyiletha kuye. Kwathi umoya ungambona, wayihlukumeza kakhulu ngokushesha, yafumbeka phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu.
Umoya wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma kuye; umntwana waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.”
Kepha uma onamandla kunaso esihlasela, asinqobe, uyasiqhwaga izikhali zaso ebesigabe ngazo, bese eyaba impango yaso.
Umoya uyayidumela, idazuluke masinyane, uyithele phansi, ikhihlize amagwebu, kuthi uqambe uhamba, ibe isiyimvithi nje.
Kuthe iseza, idimoni layiqumba phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wawukhuza umoya ongcolileyo, umfana waphiliswa, wayesembuyisela kuyise.