Mathewu 9:19 - IsiZulu 2020 UJesu wayesesuka-ke, wamlandela, ekanye nabafundi bakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wasuka-ke uJesu, wamlandela kanye nabafundi bakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Wasuka uJesu, wamlandela, nabafundi bakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Wasuka uJesu, wamlandela, nabafundi bakhe. |
Esakhuluma lokho kubo; kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isanda kufa khona manje, kodwa woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.”
Kwakukhona owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, wasondela emuva kukaJesu, wathinta umphetho wengubo yakhe.
UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukuba ngenze intando yongithumileyo, nokuba ngiwuphothule umsebenzi wakhe.
Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.