Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 9:18 - IsiZulu 2020

Esakhuluma lokho kubo; kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isanda kufa khona manje, kodwa woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami ifa khona manje; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Esakhuluma lokho kubo, bheka, kwafika umbusi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isishonile;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Esakhuluma lokho kubo, bheka, kwafika umbusi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isishonile;

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 9:18
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Mina bengithi impela uzophuma eze kimi, ame abize igama likaSimakade, uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphulukise onochoko.


Ababesesikebheni bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”


Owesifazane weza, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi ngisize.”


Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe,


Kwase kuza kuye unina wamadodana kaZebedewu namadodana akhe. Wakhuleka, wayesecela okuthile kuye.


Kwathi lapho bembona, bakhuleka kuye; kodwa abanye bangabaza.


Kwase kuza umuntu onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”


Basondela, bamvusa, bethi: “Nkosi, sisindise, siyabhubha.”


Newayini elisha alithelwa ezimvabeni ezindala, funa izimvaba zidabuke, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale. Kepha iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kokubili kulondeke.”


UJesu wayesesuka-ke, wamlandela, ekanye nabafundi bakhe.


wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazane ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.


Umphathi wesinagoge wacasuka ngokuba uJesu esindise umuntu ngesabatha, wayesekhuluma esixukwini ethi: “Kunezinsuku eziyisithupha okufanele ukuba kusetshenzwe ngazo. Ngakho-ke wozani ngalezo zinsuku ukuze niphiliswe, hhayi ngosuku lwesabatha.”


Umbusi othile wayesembuza, ethi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzenjani ukuze ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”


Induna yekhulu yayinenceku eyithandayo eyayisigulela ukufa.


UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi noma efa uyakuphila,


Ngakho uMariya esefikile lapho uJesu ayekhona, wathi ukuba ambone wazilahla ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Nkosi, ukuba ubukhona, umfowethu ngabe akafanga.”


Kuthe usufundiwe umthetho nabaphrofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokugqugquzela abantu, likhulumeni.”


Kepha uyise kaPhubhiliyu wayenomkhuhlane, elele phansi. UPawula wangena lapho elele khona, wathandaza, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa.