Mathewu 9:12 - IsiZulu 2020 Kwathi lapho ekuzwa lokho, wathi: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa ngabagulayo kuphela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa uJesu ekuzwa wathi kubo: Abaphilileyo kabadingi melaphi, kodwa abagulayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uJesu ekuzwa wathi kubo: Abaphilileyo kabadingi melaphi, kodwa abagulayo. |
Mina ngithi: “Simakade, yiba nomusa kimi, uphulukise umphefumulo wami, ngokuba ngonile kuwe.”
Yiba nesihawu kimi, Simakade, ngokuba anginamandla; ngiphilise, Simakade, ngokuba amathambo ami ayankenketha.
Simakade, ngiphulukise, ngiyakuphuluka, ngihlenge, ngiyakuhlengwa, ngokuba uludumo lwami.
Ngokuba ngiyakukuphilisa, ngelaphe izilonda zakho,’ kusho uSimakade, ‘ngokuba bakubize ngoxoshiweyo, neZiyoni akukho muntu olifunayo.’
“ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele impumelelo nokulondeka okukhulu.
Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na? Ayikho yini inyanga lapho na? Pho abelashwa ngani abantu bami na?
Ngiyakwelapha ukuhlubuka kwabo, ngibathande ngokukhululeka, ngokuba intukuthelo yami isukile kubo.
UJesu esekuzwile lokho, wathi kuzo: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa idingwa ngabagulayo kuphela. Mina angizelanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.”
UJesu waphendula, wathi kubo: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa labo abagulayo kuphela.
Owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, owayesezame kwabaningi efuna ukuphulukiswa kodwa akaze akuthola.
Kepha izixuku sezazi ngalokho zamlandela; wazemukela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abadinga ukuphiliswa.