Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 8:8 - IsiZulu 2020

Kepha induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungangena phansi kophahla lwami, kodwa khipha izwi nje, khona umfana wami uyakusinda.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami, kepha yisho izwi nje, khona umfana wami uyakusinda.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Induna yekhulu yaphendula yathi: Nkosi, kangifanele ukuthi ungene ngaphansi kophahla lwami;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Induna yekhulu yaphendula yathi: Nkosi, kangifanele ukuthi ungene ngaphansi kophahla lwami;

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 8:8
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Angilufanele lolu thando ongenzele lona nokwethembeka okungaka okukhombise mina inceku yakho. Ngawela leli Jordani ngiphethe kuphela udondolo, kodwa manje senginamaqembu amabili.


Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo;


Wathumela izwi lakhe, wabaphilisa, wabahlenga emathuneni abo.


Ngokuba wakhuluma, kwaba khona, wayaleza, kwama, kwagxila.


“Thatha intonga, uqoqe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, ukhulume edwaleni phambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo. Uyakubavezela amanzi edwaleni, uyinike inhlangano nezinkomo zayo okokuphuza.”


“Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kube ngukuphenduka. Kepha oza emva kwami, unamandla kunami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe. Uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.


Kepha uJohane wazama ukumenqabela, ethi: “Yimi engidinga ukubhabhadiswa nguwe, kepha Wena uza kimi na?”


UJesu welula isandla sakhe, wamthinta, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka ngokushesha ochokweni lwakhe.


UJesu wayesethi kuyo: “Mina ngizakuza ngimphulukise.”


Ngokuba nami ngingumuntu ophansi komthetho, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami ngithi: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”


angisafanele ukubizwa ngendodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wezisebenzi zakho.’


“Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu nakuwe; angisafanele ukubizwa ngendodana yakho.’


Kuthe uSimoni Phethro ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”


Lo ozayo emuva kwami, angifanele ngisho nokuthukulula umchilo wezicathulo zakhe.”