Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 7:25 - IsiZulu 2020

Layithela imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya, zayishaya leyo ndlu, kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe edwaleni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya kuleyo ndlu; kepha kayiwa, ngokuba yayisekelwe phezu kwedwala.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya kuleyo ndlu; kepha kayiwa, ngokuba yayisekelwe phezu kwedwala.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 7:25
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho kwedlula isivunguvungu omubi usuke engasabonwa, kanti olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.


Siyakuhlala sicwengisise, sihlanze isiliva. Siyakuhlanza abaLevi sibacwenge njengegolide nesiliva, ukuze banikele iminikelo kuSimakade ngokulunga.


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula.


“Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.


Kodwa yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo esihlabathini.


Yafika imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya; zayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


UKhristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,


nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokhu nifundisiwe, nivame ukubonga.


Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,


Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.