Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”
Mathewu 7:24 - IsiZulu 2020 “Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala; |
Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”
Ukumesaba uSimakade kungukuqala kokuhlakanipha, banengqondo ehluzekile bonke abenza lokho. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.
Nginokuqonda okubedlula bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.
Lapho kwedlula isivunguvungu omubi usuke engasabonwa, kanti olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.
Ohlakaniphile ngenhliziyo uyayemukela imiyalelo, kodwa isiwula esiyiqhalaqhala, esiphafuza ubuwula, siyakubhujiswa.
Izikhohlakali ziyobhujiswa, ziphele nya, kodwa indlu yabalungileyo iyokuma njalo.
Ukuhlakanipha koqondayo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.
Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini, ungumfowethu nodadewethu nomame.”
Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula.
“Pho ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyibeke ukuba yengamele abendlu yayo, ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?
“Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula, zathi: ‘Qha, funa angasaneli amafutha thina, nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele awenu.’
Layithela imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya, zayishaya leyo ndlu, kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe edwaleni.
Kodwa yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo esihlabathini.
Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”
Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.
Ngokuba akusibo abezwa umthetho abangabalungileyo phambi kukaNkulunkulu, kodwa labo abawenzayo umthetho, yibona abayakulungisiswa.