Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.
Mathewu 7:17 - IsiZulu 2020 Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. Baasraak Zulu New Testament Bible Kanjalo yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle; kodwa isihlahla esibi sithela izithelo ezimbi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kanjalo yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle; kodwa isihlahla esibi sithela izithelo ezimbi. |
Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.
ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.
Kepha mina nganginjengewundlu eliholwa liyohlatshwa; ngangingazi ukuthi kanti bangicebela amacebo, bethi: “Masisicekele phansi isihlahla nezithelo zaso, simnqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”
Uyakufana nesihlahla esitshalwe ngasemanzini, esimpande zaso sizenabisele ngasemfuleni. Akayukwesaba lapho ebona ukushisa kuza, amaqabunga aso ahlala eluhlaza, ngonyaka wesigagadu awanakukhathazeka, futhi awayeki ukuthela izithelo.
Umuthi omuhle awukwazi ukuthela izithelo ezimbi, nomuthi omubi ngeke uthele izithelo ezinhle.
nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ngaye uJesu Khristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.
ukuze nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo kuyo yonke imisebenzi elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,
Yibo laba abayichilo emadilini enu, abadla nani bengenakwesaba, bezenelisa. Bangamafu angenamvula apheshulwa wumoya, izihlahla zasehlobo ezingenazithelo, bafe imfakabili, basishuliwe.