“Kepha uma omubi ephenduka kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ubulungiswa nokulunga, uyakuphila nokuphila, akayukufa.
Mathewu 7:12 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke kukho konke, ngisho nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaphrofethi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke zonke izinto enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke zonke izinto enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi. |
“Kepha uma omubi ephenduka kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ubulungiswa nokulunga, uyakuphila nokuphila, akayukufa.
“ ‘Awuyukuphindisa, awuyukuba namagqubu nabantu bakini, kodwa uyothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguSimakade.
Wena muntu, uSimakade ukutshelile ukuthi kuyini okuhle, nokuthi uSimakade ufunani kuwe, ukuthi wenze ubulungiswa, uthande ukwethembeka, uhambe ngokuthobeka kanye noNkulunkulu wakho.
“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.
“Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaphrofethi. Angizelanga ukuzochitha, kodwa ngize ukuzogcwalisa.
Kepha umgomo womyalo wuthando oluvela enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo.
Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle.