Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 6:26 - IsiZulu 2020

Bhekani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni, nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Nina anizidluli yini kakhulu na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Bhekani izinyoni zezulu, ngokuba azihlwanyeli, azivuni, azibutheli eziphaleni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anizincono kakhulu na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Bhekani izinyoni zezulu, ngokuba azihlwanyeli, azivuni, azibutheli eziphaleni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anizincono kakhulu na?

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 6:26
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zithathele lonke uhlobo lokudla ukulondoloze, ukuze kube ngukudla kwenu nokwazo.”


Thina nezilwane zomhlaba usifundisa okuningi, asenze sihlakaniphe kakhulu kunezinyoni ezindiza emkhathini.’


Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo, lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu, ezulazula, ngenxa yokweswela ukudla na?”


Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo.


Ngizazi zonke izinyoni ezisezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi.


Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.


“Ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe,


“Wayesethi: ‘Nakhu engizakukwenza: ngizakuzidiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele kuzo sonke isivuno sokusanhlamvu, nempahla yami.