Mathewu 6:23 - IsiZulu 2020 Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uzakuba mnyama. Ngakho-ke uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani ubumnyama! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uma iso lakho lilibi, uzakuba mnyama umzimba wakho wonke. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, ubumnyama bukhulu kangakanani! Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uyakuba mnyama. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani lobo bumnyama! Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uyakuba mnyama. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani lobo bumnyama! |
isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.
“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”
Angivunyelwe yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Ngabe iso lakho libi, ngenxa yokuba ngiyephana na?’
“Isibani somzimba yiso. Ngakho-ke uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uzakukhanya.
ukuphinga, umona, nabo bonke ububi, inkohliso, ukonakala okukhulu, iso elibi, ukuhlambalaza, ukuzidla, nobuwula.
Iso lakho liyisibani somzimba; uma iso lakho liphilile, umzimba wakho wonke ugcwele ukukhanya; kepha uma lilibi, umzimba wakho ungubumnyama.
Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi.
Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya.
abangqondo yabo ifiphazwe ngubumnyama, bahlukaniswa nokuphila kukaNkulunkulu ngenxa yokungazi kwabo nangenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,
Ngokuba kade ningubumnyama, kodwa manje seningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,
Kepha ozonda umzalwane wakhe, usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.