Mathewu 6:19 - IsiZulu 2020 “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inokoniwa khona yinundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. Baasraak Zulu New Testament Bible Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala konakalisa khona, nalapho amasela efohla khona, ebe; Contemporary Zulu Bible 2024 Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala konakalisa khona, nalapho amasela efohla khona, ebe; |
“Uma igolide ngilenze ithemba lami, ngathi egolideni elicwengekile: ‘Ngethemba wena;’
“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.
Maningathembeli ekuqhwageni, ningazigabisi ngokuphangiweyo. Uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.
Kuhle kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide, nokuzuza ukuqonda kunesiliva lekhethelo!
Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.
Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”
UJesu wathi kuyo: “Uma uthanda ukuba ngopheleleyo, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, yikhona uyoba negugu ezulwini, bese uza ungilandele.”
Kepha zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho inundu nokugqwala kungoni khona, nalapho amasela engafohli khona, ebe.
Thengisani ngeninakho, nabele abampofu, nizenzele izikhwama zemali ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini; lapho kungasondeli khona sela nanundu, ukuba yone.
Kepha-ke yazini lokhu, ukuthi uma umninindlu ebesazi isikhathi isela eliyakufika ngaso, ubengayukuvuma ukuba indlu yakhe igqekezwe.
Esekuzwile lokho, uJesu wathi kuye: “Kunye kuphela okusakusalele: thengisa ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona-ke uzakuba nengcebo ezulwini, bese uza, ungilandele.”
UJesu embona ukuthi ulimele kakhulu, wathi: “Kulukhuni kuyitshe kwabanothileyo ukuba bangene embusweni kaNkulunkulu.
Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.
Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”