Mathewu 6:14 - IsiZulu 2020 “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani; |
Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho, nani niyakwahlulelwa ngakho, nangesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.
Uma futhi nimi nikhuleka, thethelelanani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.
“Ningehluleli, khona ningayukwehlulelwa; ningalahli muntu ngecala, khona ningayukulahlwa ngecala; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.
Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKhristu.
nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enesikhalo ngomunye, njengokuba neNkosi yanithethelela, nani yenzani kanjalo.
Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.
Bafika ozalweni lukaRubeni nolukaGadi nasengxenyeni yesizwana sakwaManase kwaGileyadi, bathi kubo:
Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.