UDavide waphuma wayobahlangabeza, wathi kubo: “Uma nize lapha kimi ngokuthula, nizongisiza, sizobambisana, kodwa uma nizongiyengela ezitheni zami, uNkulunkulu wokhokho bethu makakubone lokho, abe nguMehluleli.”
Mathewu 5:9 - IsiZulu 2020 Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa ngabantwana bakaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu. |
UDavide waphuma wayobahlangabeza, wathi kubo: “Uma nize lapha kimi ngokuthula, nizongisiza, sizobambisana, kodwa uma nizongiyengela ezitheni zami, uNkulunkulu wokhokho bethu makakubone lokho, abe nguMehluleli.”
ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile.
Kabasafi kodwa bafana nezingelosi; njengalokhu bengabantwana bakaNkulunkulu, bangabantwana bokuvuka.
Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitshelekise ningalindele kubuyiselwa, uma nenze kanjalo uyakuba mkhulu umvuzo wenu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba Yena umnene kwabangabongiyo nababi.
Ngakusasa wafica abakubo belwa, wazama ukubalamula, ukuze babuyisane, wathi: ‘Madoda, nina ningabandawonye, pho kungani nilimazana na?’
ngokuba okudaliweyo kulindele ngokulangazelela ukwembulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.
Kanti umzalwane uyammangalela yini omunye, futhi akwenze lokho phambi kwabangakholwayo na?
Elokugcina bazalwane, thokozani, nihlumeleleke, nigqugquzeleke, nibe namqondo munye, futhi nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.
Singamanxusa kaKhristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKhristu sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa,
Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,
nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enesikhalo ngomunye, njengokuba neNkosi yanithethelela, nani yenzani kanjalo.
Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.