Kepha Wena Simakade, ngihawukele, ungilulamise, ukuze ngiziphindiselele ezitheni zami.
Mathewu 5:43 - IsiZulu 2020 “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ |
Kepha Wena Simakade, ngihawukele, ungilulamise, ukuze ngiziphindiselele ezitheni zami.
“ ‘Awuyukuphindisa, awuyukuba namagqubu nabantu bakini, kodwa uyothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguSimakade.
hlonipha uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
“Nizwile, kwathiwa kwabasemandulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala ehlulelwe.’
“Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abayukungena ebandleni likaSimakade, yebo, akukho namunye kubo oyakungena ebandleni likaSimakade kuze kube sesizukulwaneni seshumi, kuze kube phakade.
Awuyukufuna ukuthula kwabo nempumelelo yabo zonke izinsuku zokuphila kwakho kuze kube phakade.
Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle.
Yebo, wasinika lo myalo, uvela kuNkulunkulu, masiwugcine. Lo myalo uthi othanda uNkulunkulu, makamthande nomzalwane wakhe.