Mathewu 5:42 - IsiZulu 2020 Muphe ocela utho kuwe, ungamlanduleli ofuna ukutsheleka kuwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe. Baasraak Zulu New Testament Bible Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukuboleka kuwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukuboleka kuwe. |
Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, ungasiphumuzi isandla sakho kuze kuhlwe, ngokuba kawazi ukuthi yiyiphi ezomila; yilena noma yileya, noma zombili zizoba zinhle ngokufanayo.
Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe iseluleko sami, ushiye izono zakho ngokwenza okulungileyo, uhlukane nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe impumelelo yakho ingaqhubekela phambili.”
Kepha-ke lokho okungaphakathi kupheni abampofu, konke kuzakube kuhlambulukile kini.
Kepha-ke: “Uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho, uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”
Ningakhohlwa ukwenza okuhle nokwabelana, ngokuba uNkulunkulu uyathokoza ngeminikelo enjalo.
Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.
Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.