UZedekiya, indodana kaKhenahara, wasondela, wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: “UMoya kaSimakade wasuka nini kimi ukuba akhulume kuwe na?”
Mathewu 5:39 - IsiZulu 2020 Kepha Mina ngithi kini: ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi; Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi; |
UZedekiya, indodana kaKhenahara, wasondela, wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: “UMoya kaSimakade wasuka nini kimi ukuba akhulume kuwe na?”
Bangikhamisela imilomo, bengiklolodela, bangishaya esihlathini, bengigcona, bayangihlanganyela.
Ungabosho ukuthi: “Njengalokho enzile kimi, kanjalo ngiyakwenza kanjalo kuye; ngizakuphindisela kuye njengokwezenzo zakhe.”
Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekungcofweni nasekufelweni ngamathe.
“ ‘Awuyukuphindisa, awuyukuba namagqubu nabantu bakini, kodwa uyothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguSimakade.
Viva ngamabutho ndodakazi, kukhona osivimbezelayo; umehluleli ka-Israyeli bayakumshaya esihlathini.
Izazimthetho nabaFarisi babeqaphile ukuthi uzakuphulukisa yini ngesabatha, ukuze bathole utho abangambeka icala ngalo.
UJesu wasiphendula, wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngalobo bubi; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?”
Empeleni kwakhona nje ukuthi niyamangalelana kukhombisa ukuthi niyizehluleki. Kungebe ngcono ngani ukuba kwenziwe okubi kini na? Kungebe ngcono ngani ukuba nani niqolwe na?
Qaphelani ukuba kungabi bikho muntu ophindisela komunye okubi ngokubi, kodwa phokophelani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye, nakubo bonke abanye.
Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa.