Mathewu 5:30 - IsiZulu 2020 Noma lapho isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. Baasraak Zulu New Testament Bible Uma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; Contemporary Zulu Bible 2024 Uma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; |
kepha kanampande ngaphakathi; ulibamba nje okwesikhashana, kuthi lapho kufika ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke ngokushesha.
Kepha uJesu waphenduka wathi kuPhethro: “Buyela emuva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awukuqondi okukaNkulunkulu, kepha okwabantu.”
Kepha-ke ukuze singabakhubekisi, hamba uye olwandle, uphonse udobo, uthathe inhlanzi eyakubanjwa kuqala; kuyakuthi lapho usuyivule umlomo, ufumane imali; yithathe, ubanike yona, uthelele Mina nawe.”
Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa noma ngabe wunyawo lwakho, kunqume, ukulahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma ulunyonga, kunokuba uphonswe emlilweni ongunaphakade unezandla zombili nezinyawo zombili.
“Ngakho-ke inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse phandle ebumnyameni, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’
Kweza eyayinikwe amathalenta ayisihlanu, yaletha amanye ayisihlanu, yathi: ‘Nkosi, wanginika amathalenta ayisihlanu; bheka nje, ngizuze amanye ayisihlanu.’
UJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke,’
Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.
Uma iso lakho lesokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.
“Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili.
Kepha-ke ngizakunitshengisa okufanele nimesabe. Mesabeni lo othi esebulele, abuye abe namandla okuphonsa esihogweni. Impela, ngithi kini: mesabeni lowo.
Kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane.”
njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Bukani, ngibeka eZiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa; okholwa yilo akayukujabhiswa.”
Ngakho-ke uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngayidla inyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.
Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, pho ngizingelelwani na? Ukuba bekunjalo ngabe sisusiwe isikhubekiso sesiphambano.
netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa. Bayakhubeka ngokuba bengalilaleli izwi okuyikhona abakumiselweyo.